Ukufika kombuso wentando yeningi kweza nemithetho eminingi emphakathini wethu, imithetho efana nokuvezwa kwayo yonke into, ukuba negunya kanye nokuba yisakhamuzi. Ukuze loku kube nomqondo nokuthi umbuso wethu wentando yeningi osemusha ukhule, ukufinyelela olwazini kusemqoka. Ukufinyelela olwazini kuyilungelo eligxilisiwe elivumela izakhamuzi ukuthi zenze izinqumo ezinolwazi futhi ezibavumela ukuthi bafinyelele izinsizikalo ezinikezwa yiminyango kahulumeni.
UmNyango wezokuThuthukisa ezeNhlalakahle unesibopho sokukhuphula amalungelo esintu. Kungenxa yalesi sizathu esenza ukuthi senze siphinde sigcine imanyule, esebenza njengesikhali sokugqugquzela ukufinyeleleka kolwazi oluphethwe ngumNyango. " Ukusunduzela emuva amaphethelo obuphofu": yindikimba ebekwe nguMongameli u-Thabo Mbeki, kunguwukuzibophezela kwethu njengomNyango wezokuThuthukisa ezeNhlalakahle futhi sikholelwa ekutheni ayikwazi ukwenzeka ngaphandle kokufinyelelwa kolwazi yizakhamuzi esizimisele ukuzisiza ngenkuthalo.
Inhloso yethu ukuthi lemanyule ifinyelelwe yiwo wonke amaqembu ahlelwe ngombala, ngobuzwe nangezilimi ngokusebenzisa zonke izilimi eziyishumi nanye zifake ibreyili kanye nezinye izinhlobo zokuxhumana ukubhekana nazo zonke izinhlobo zokukhubazeka. Kodwa ngoba le manyule kungeyokuqala izoshicilelwa ngesiZulu, isiTswana, isiVenda kanye neSePedi. Sethemba ukuthi ukushicilelwa kwesibili kuzofaka izilimi ezinye kuze kube yilapho zonke izingxenye zomphakathi zifakwa ngokufanele. Kuyithemba nelungelo kimi ukuthi ngethule kini imanyule ye-2002/2003 yomNyango wezokuThuthukisa ezeNhlalakahle, ezonazisa ngezinsizakalo esizinikezayo.
Kuyithemba nelungelo kimi ukwethula lemanyule kini- izakhamuzi zaseNingizimu Afrika. Inhloso yale manyule ukugqugquzela ukufinyeleleka kwakho kalula olwazini oluphethwe ngumNyango wezokuThuthukisa ezeNhlalakahle ngokulandela okuthulwe ngumthethosisekelo, ikakhulukazi u- (s) 32 , odinga ukuthi " Wonke umuntu abe nelungelo lokufinyelela olwazini oluphethwe ngumBuso". Le manyule yakhiwe ngokulandela umThetho wokuThuthukisa ukuFinyelela oLwazini, (umThetho weNo.-2 we-2000).
Ngokuqhubekisa futhi, umgomo wesi-3 nowe-4 we-Batho-Pele okuvumela ukuthi ube nokufinyelela okulinganayo kuzinsizakalo , kanye nokunikezwa ulwazi olufanele ngezinsizakalo zomphakathi okuyilungelo lakho ukuthi uzithole. Ngethemba ukuthi uzothola le manyule inosizo futhi ikunikeza ulwazi.
UmNyango wezokuThuthukisa ezeNhlalakahle kaZwelonke- UmThetho we-3 wokuThuthukisa ukuFinyelela uLwazi.
Imininingwane engaphansi kwesigaba 14 soMthetho Okhuthaza Ukufinyelela Olwazini, uNo.
Umnyango Wentuthuko Yezenhlalakahle unesibophezelo sokuthuthukisa inqubomgomo nemithetho kazwelonke, intuthuko yenkambo namazinga kazwelonke, ukwesekela umsebenzi oqhubekayo eminyangweni yeNtuthuko Yezenhlalakahle kwizifundazwe, ukuqaphela nokuvivinya izinhlobo ezahlukene zezinhlelo zentuthuko. Intuthuko yezenhlalakahle wumsebenzi oqhubeka ngokuhambisana nesibophezelo sezinhlelo eziningi zokwethula imisebenzi emphakathini okuyinto esemahlombe eminyango yezifundazwe.
Ukubuyisa ubuntu bokunakekela nokuthuthukisa abantu ezinhlelweni zonke zentuthuko yenhlalakahle. Lokhu kuhlanganisa ukwakha kabusha imindeni nemiphakathi.
Ukuthuthukisa nokusebenzisa amaqhinga adidiyele okuqeda ubuphofu ahlinzekela imihlomulo eqondile kulabo abentulayo, ngokwamandla negalelo lentuthuko emileyo.
Ukuthuthukisa uhlelo olunqala lokuphepha komphakathi oluhlanganisa imizamo yokunikela nokunganikeli nokuklelisa phambili imindeni ehlukumezeke kakhulu.
Ukubhekana nemithelela eyisihluku yazo zonke izinhlobo zodlame oluqondiswe kwabesifazane nezingane, kuhlangene namaqhinga okubhekana nabaphehli bodlame.
Ukunika usizo lokweseka uthando nokunakekelwa kwabantu abaphila nesifo seSandulela-Ngculazi noma Ingculazi uqobo kanjalo nalabo abathintekile, isibonelo izintandane zesifo sengculazi.
Ukuthuthukisa iqhinga likazwelonke lokunciphisa ubugebengu entsheni nokungasebenzi ngaphansi kohlaka lukaZwelonke Lweqhinga Lokunqanda.
Ukwenza imisebenzi yentuthuko yezenhlalakahle ifinyeleleke futhi itholwe ngabantu abahlala emaphandleni, ezindaweni ezingaphandle kwamadolobha nasezakhiweni ezingahlelikile kanjalo nokuqinisekisa ngokulingana ekutholeni usizo.
Ukweseka umsebenzi wentuthuko yezenhlalakahle ngokuzibophezela ekubuseni ngokubambisana okuxuba ukusebenza nezinhlaka ezehlukene zikahulumeni nemiphakathi.
Ukuqeqesha, ukufundisa, ukutshala kabusha nokuqasha isigaba esisha sabasebenzi.
Umnyango Wentuthuko Yezenhlalakahle igcine imibhalo enezihloko eziningi ezehlukene.
Lonke ulwazi olufanele ukudalulwa lwehlukaniswe ngezakhiwo zenhlangano njengoba ibekwe ethebulini elingezansi. Imibhalo imiswe ngohlelo lwethebula.
Eminye imibhalo iqondiswe ohlelweni uqobo, kanti eminye kwiziko eliphakeme, eminye eziko. "Imibhalo" iqondiswe emithonjeni yezindaba ehlukene, isibonelo. Imibhalo egxile noma ethathelwe emiqulwini, imibhalo egcinwe kwizinsiza zemishini noma ezigcemeni zokukhangisa zamakhompyutha.
Isakhiwo: Njengoba kuchaziwe ngenhla embhalweni, kunezinguquko ezenzekile esakhiweni senhlangano. Uyacelwa ukuba uxhumane no-Jaco Victor ngencazelo yezinguquko zakamuva ukuze zivele ngokucacile nangendlela efanele ngezansi.
Imibhalo yocwaningo eshicilelwe ngesibalo sabantu nezindaba zentuthuko, ekhiqizwe yiHSRC, MRC, DBSA, Izikhungo Zemfundo Ephakeme, njalo njalo.
Lemibhalo egciniwe yehlukaniswa ngalezi zigaba ezilandelayo, isibonelo: ezomthetho, ezezimali, inhlangano nokulawula, izindaba zabasebenzi nokunye.
Imihlangano Amaminithi njalo njalo.
Imibhalo yokuphatha, imibhalo elondolozwe ezifundazweni, njalo njalo.
Ukwenza izicelo zolwazi, gcwalisa ifomu enanyathiselwe kwiFomu-C bese uyethula kumuntu okuxhunyanwa naye eMnyangweni Wezenhlalakahle Yomphakathi. Umdwebo wesicelo nenqubo elandelwayo uma ufaka isikhalo ilandela iFomu-C. Qaphela: Isifingqo "S" esikulo mdwebo siqonde Isigaba esiqondene noMthetho Wokukhuthaza Ukufinyelela Elwazini.
Ofaka isicelo ofuna ukufinyelela embhalweni ogciniwe oqukethe ulwazi oluyimfihlo ngaye akadingekile ukusikhokhela leso sicelo. Noma ngubani omunye ofaka isicelo ongaziceleli ulwazi oluvele luthinta yena kufanele akhokhe imali enqunyiwe yesicelo ukuhlola inkokhelo, bheka Isaziso sikaHulumeni R. 187 kwiGazethe kaHulumeni yomhlaka-15 Nhlolanja we- 2002.
Ukuveza ubufakazi begunya lakhe lokufaka isicelo, uma efaka isicelo egameni lomunye umuntu.
Uma ofaka isicelo engenaso isiqiniseko ngendawo noma ngencazelo eqondile yombhalo ocelwayo, uyamenywa ukuba axhumane noMqondisi: Ukuphathwa Kolwazi, oyomsiza ekuqaguleni umbhalo ofanele.
B. Imininingwane yabantu abacela ukufinyelela embhalweni ogciniwe a Imininingwane yomuntu ocela ukufinyelela embhalweni ogciniwe kufanele inikwe ngezansi.
b Ikheli nenombolo yesikhahlamezi eNingizimu Afrika lapho kufanele kuthunyelwe khona ulwazi olunikiwe.
c Uma kufanele, makunanyathiselwe ubufakazi begunya okwenziwe ngalo isicelo.
Lesi sigaba kufanele sigcwaliswe KUPHELA uma isicelo solwazi senziwe ngegama lomunye umuntu.
D. Imininingwane yemibhalo egciniwe a Nikeza imininingwane egcwele yombhalo ogciniwe ofuna ukufinyelela elwazini lwawo, kuhlangane nenombolo oyaziyo obhaliswe noma owaziwa ngayo umbhalo ukuze kutholakale lapho umbhalo ugcinwe khona.
b Uma isikhala singenele kahle, ungaqhubeka ngokubhala kwelinye iphepha bese ulinamathisela kule fomu. Ofake isicelo kufanele asayine wonke lawo maphepha engezelwe noma ayingxenye yesicelo esifakiwe.
E. Inkokhelo a Isicelo sokufinyelela embhalweni ngaphandle kwalowo oqukethe ulwazi lomuntu ofake isicelo uyocutshungulwa wenziwe kuphela ngemuva kokuba inkokhelo yomsebenzi enqunyiwe isikhokhiwe..
b Uyokwaziswa ngesamba esidingekayo sokufaka isicelo.
c Imali ekhokhelwa ukufinyelela embhalweni ogciniwe incike ohlotsheni oludingwayo lokufinyelela embhalweni kanjalo nobude besikhathi sokufuna nokwenza amalungiselelo okuthola lowo mbhalo.
d Uma usethubeni lokuxolelwa ukuba ungakhokhi lutho ngesicelo, kummele uchaze izizathu zesimo sakho.
Uma wehluleka ukufunda, ukubona noma ukulalela umbhalo ogcinwe ngohlobo oluhlinzekwe ku1 kuya ku-4 ngezansi ngenxa yokukhubazeka , chaza isimo sakho sokukhubazeka bese usho uhlobo odinga ngalo umbhalo..
Shaya uphawu X ebhokisini elifanele.
a Ukuhlangabezana nesicelo sakho ngohlobo oluchazile kungancika ohlotsheni okutholakala ngalo umbhalo ogciniwe.
b Ukufinyelela ohlotsheni olucelayo kungenqatshwa kwezinye izimo. Uma kwenzeka senqatshwa isicelo, uyokwaziswa uma ikhona enye indlela onganikwa ngayo noma uthole umbhalo owudingayo.
c Uma sikhona Isamba senkokhelo yokuthola umbhalo, siyonqunywa ngokuhlanganyela nokubheka uhlobo okufunwa ngalo ukuthola umbhalo.
Uma umbhalo ogciniwe unengxube yemidwebo ebonakalayo lokhu kuhlanganisa izithombe, imidwebo esezingqwembeni, okuqoshwe emshinini yomabonakude, imidwebo eqoshwe yikhompyutha, imifanekiso, njalo njalo.
Uma ucele ikhophi noma umbhalo oqoshiwe (ngenhla), ufuna ikhophi noma umbhalo oqoshiwe uthunyelwe kuwe ngeposi Izindleko zokuposa ziyokhokhwa?
Uma isikhalo esihlinzekiwe singenele kahle, ungaqhubeka nokugcwalisa elinye iphepha bese ulinamathelisa kuleli fomu. Ofake isicelo kufanele asayine wonke amaphepha engeziwe ahambisana nesicelo.
Uyokwaziswa ngendlela ebhaliwe ukuthi isicelo sakho semukelwe yini noma sichithiwe. Uma unesifiso sokwaziswa ngenye indlela, ungachaza leyo ndlela, unike imininingwane efanele ukuze sihlangabezana nesicelo sakho.
Ufisa ukwaziswa ngayiphi indlela ngesinqumo esiqondene nesicelo sakho sokufinyelela embhalweni ogciniwe?
